top of page

isichitho sikhishwa kanjani

 Sikhiswa Kanjani isichitho umoya omubi ,Susa isilwane

Uma uhlushwa isichitho, islwane amabhadi namathunzi amabi , isiwasho noma umuthi wenhlahla angeke usebenze kuwe qala ulahle lezo zinto Uma futhi ubangwa amadlozi angeke nakuwe kusebenze kahle qala ulungise leyo nkinga kube kuyima usebenzisa imithi neziwasho zenhlahla bengithi angindlulise lolu lwazi angikho ke lapho nakhu ke lapho engikhona...


Geza uhlambulule idlozi lakho emfuleni ohambayo noma esgangeni thola ikhandlela eligreen neli white ubulongwe benkomo nobisi long life or fresh milk ufike emfuleni ukhanyise izibani zakho uthandaze umeme izithunywa nokhokho nakho basondele ucele kuMdali wezulu nomhlaba onguThixo ukuba abakhulule abasondeze kuwe ucele ukubakhona kwengilozi yamanzi ucele konke okufisayo ucele ukuthi ucela idlozi lakho ligezeke noma ngabe lingcole kanjani uNkulunkulu abasize bageze Uma uqeda uphose imali R1 emhlophe emanzini uthi kunina enihlala emanzini ngicela amanzi okugeza njengoba ngilapha angizile ngobubi futhi angizile ukuzoganga ngize ngobuhle bodwa ngicela ukuzogeza mina nedlozi lami engihamba nalo, phinda uphose R1 emanzini uvume izono zakho nezokhokho bakho ucele intethelelo, phinda uphose R1 uthi uxolela bonke abakonile, phinda uphose R1 ucele idlozi ohamba nalo likhanye kuwe likhulume nawe ngamaphupho... Ikha amanzi ufake ebhakedeni ufake ubisi ne R1 bese uyazibhixa ngobulongwe benkomo bese uyageza emanzini ahambayo ngalamanzi anobisi neR1 ukhulume uthi gezekani bogogo nomkhulu nihlambuluke nibe bahle kimi nami ngihlambuluke ngibe muhle ningiphe izinhlahla izinto zami ezivaliwe zivuleke noma ngabe zivalwe yini noma abathakathi ngicela zivuleke ugeze uqede ukugeza ngobisi bese ukha amanzi akhanyayo bese uyageza futhi ukhulume ucele konke okuhle empilweni leyo R1 isala lapho emanzini kodwa izibani ungazishiyi ubuye nazo uzozisebenzisa nasekhaya uzokhanyisa zona uma uthandaza noma uphahla...hamba ke uye ekhaya ulalele ke amaphupho akho ngicela ungizwe kahle ukuhlambulula wena nezidalwa into okumele uhlale uyenza kwesinye iskhathi wenze isiwasho somlotha ufake R1 ugeze izidalwa kanye nawe

indlondlo yemithi yesintu

0732979645




コメント


Hi, thanks for stopping by!

I'm a paragraph. Click here to add your own text and edit me. I’m a great place for you to tell a story and let your users know a little more about you.

Let the posts
come to you.

Thanks for submitting!

  • Facebook
  • Instagram
  • Twitter
  • Pinterest
bottom of page